Ukusabela ngezikhathi zenhlekelele
  • Ukusiza abasinde ekuzamazameni komhlaba

    Abantu abangaphezu kuka-4,800 abavela eTürkiye naseSyria bathola izindawo zokuhlala zesikhashana zamahhala.

Umgomo we-Airbnb.org uwukuthola indlela yokwabelana ngendawo yokuhlala, izidingo zokuphila, nosizo uma ludingeka.

Sinikeze ubusuku obungaphezu kuka-1.4 million bezindawo zokuhlala zamahhala zezimo eziphuthumayo kubantu abangaphezu kuka-220,000 kusukela ekusungulweni kwethu ngo-2020.

Hlangana nomphakathi wethu

ABabungazi nezivakashi ze-Airbnb.org bawumgogodla wenhloso yethu.

Ngenxa yomphakathi womhlaba wethu waBabungazi, labo abanikelayo, nezinhlangano ezingophathina, i-Airbnb.org ikwazile ukusiza abantu abangaphezu kuka-140,000 ngezindawo zokuhlala zesikhashana.

Indlela u-Carmen nomphakathi wakubo abahlangana ngayo ngemva kweSiphepho u-Maria.

Sinikeza imiphakathi indlela yokubumbana lapho kugadla inhlekelele. Ngezinhlelo ze-Airbnb.org, abantu banganikela ngamakhaya abo mahhala komakhelwane abadinga ukuphuma ezindlini zabo.

I-Airbnb.org isize abantu abangaphezu kuka-135,000 ababalekela impi ukuba bathole izindawo zokuhlala.

Kungathatha iminyaka ukuba umphakathi ululame ngokuphelele enhlekeleleni enkulu. I-Airbnb.org isiza ekukhokheleni izindawo zokuhlala zezisebenzi ezenza umsebenzi obucayi wokwakha kabusha imiphakathi.

Sisungula umhlaba ozizwa usekhaya kuwo

I-Airbnb.org ibheke umhlaba lapho noma ubani engathola indawo yokuhlala ethokomele ngezikhathi zobunzima. Ukuze ikwenze kwenzeke lokhu kubo bonke, i-Airbnb.org isungule iqoqo lezibophezelo zokwamukela abantu abahlukahlukene, ukulingana, ukungabandlululi, nezidingo zabanokukhubazeka.

Sisiza ezinye izinhlangano ezingenzi inzuzo ukuze zibe negalelo eliqhubekayo.

Hlangana nophathina abambalwa abasiza ekuklameni i-Airbnb.org.
I-IRC isabela ezinhlekeleleni ezimbi kunazo zonke emhlabeni ezithinta abantu, futhi isiza abantu abaye bonakalelwa ukuphila nezindlela zokuziphilisa ngenxa yezimpi nezinhlekelele ukuba baphile, baqale ukuphila kabusha, futhi bazakhele ikusasa.
I-Build Change iyinhlangano yokuvimbela inhlekelele nokusiza lapho ivelile esungula izixazululo eziphumelelayo zezindawo zokuhlala emiphakathini.
I-HIAS yinhlangano engenzi inzuzo yamaJuda emhlabeni wonke enikeza isivikelo nosizo kubabaleki, labo abafuna ukuvikelwa, nolunye uquqaba olungasenazindawo zokuhlala emhlabeni wonke.
I-Community Sponsorship Hub isungula amathuba emiphakathi yase-United States ukuze yamukele ababaleki nabanye abantu abangasenazindawo zokuhlala.